I-Ingonyama Trust Board (ITB) ibambe umhlangano ne-Umngeni – Uthukela Water Board (UUW) njengengxenye yohlelo lwayo oluqhubekayo lokusebenzisana nababambiqhaza. Lo mcimbi obalulekile uphawule ukuqala kohambo lwazo zombili lezi Zinhlaka (ama-Board) ekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya KwaZulu-Natali. Le ndlela entsha nehlukile yokusebenza eyamukelwe yiBhodi iwumzamo wokwakha ukusebenzisana nobudlelwano nababambiqhaza abafanele ukuze kuthuthukiswe ibhizinisi layo.
“Akuvamile ukuthi kube nezinhlaka ezimbili ezihlangene kanje, lokhu kungenxa yokuthi sinemigomo efanayo ekuthuthukisweni kwezindawo zasemakhaya esifundazweni. Ingxenye enkulu yengqalasizinda yethu itholakala ezindaweni zasemakhaya, emhlabeni ophethwe ngamaKhosi; yingakho kubalulekile kithi njenge-UUW ukuthi sisebenzisane ne-ITB”. Lawa kwakungamazwi okuvula ashiwo usihlalo weBhodi ye-UUW, u-Advocate Vusi Khuzwayo, ngesikhathi salo mhlangano.
Isekela likasihlalo we-ITB, u-Advocate Linda Zama, uthe: “Lokho okutholwe yiBhodi yamanje wukuthi ibisebenza yodwa (ngendlela yokuzimela), okuthe ngenxa yalokho akuzange kube nokusebenzisana okukhulu kwamasu nababambiqhaza”. Uphinde wagcizelela ukubaluleka kwalo mcimbi futhi waqinisekisa i-UUW ukuthi i-ITB izimisele ukusiza ekuqinisekiseni ukuthi umsebenzi wabo uba lula. Uveze uhlelo lomhlangano ne-KZN Provincial House of Traditional Leaders (uMkhandlu Wabaholi Bendabuko KwaZulu-Natali) ngenhloso yokuqinisa ubudlelwano neBhodi njengesikhungo esithinta abaholi bendabuko. “Siqinisa indlela yethu yokusebenza futhi senza i-ITB ibe yinhlangano ebalulekile kubo bonke ababambiqhaza bayo; sijabule kakhulu ngezinyathelo esizithathayo,” kuphetha yena.
Emhlanganweni, i-UUW yethule imininingwane ngamaphrojekthi ayo amanje okuthuthukisa ingqalasizinda yamanzi, isimo samanje, impumelelo kanye nezinselelo. Nakuba lo mhlangano wawuhloselwe ukwazana nokwakha ubudlelwano, kwavunyelwana ngokuthi zombili lezi Zinhlaka zizosebenzisana kulawa maphrojekthi.


Adjust this page to suit your needs.